Sinyukile isibalo sabantu ababulawe yi-listeriosis kuleli

2018-03-30 08:51

INational Institute for Communicable Disease (NICD) isibuyekeze isibalo sabantu ababulawe wubhedukane i-listeriosis yasibeka ku-189 – okusho ukuthi lesi sifo sesiphinde sabulala abantu abayisithupha.

Ngokwezibalo zakamuva ezikhona, i-NICD isidalule ukuthi zingu-189 kwezingu-678 izigameko eziphethe ngokudlula nemiphefumulo yabantu.

Ngokusho kwe-NICD zingu-982 izigameko ezibikiwe zalesi sifo.

Yize umsuka walesi sifo usuwaziwa, i-NICD ibike ukuthi izigameko ezintsha ezihlobene nalesi sifo kuzoqhubeka kubikwe ngazo.

Lokhu kungenxa yokuthi kungenzeka ukuthi, yize yabuyiselwa emuva yonke imikhiqizo eyamaniswa nalesi sifo ngomhlaka-4 Mashi, eminye kungenzeka ukuthi yasala ebantwini.

Inanele ngokuthi leli gciwane liyakwazi ukufukameleka emkhiqizweni izinsuku ezingafinyelela ku-70.

Zingu-23 izigameko eziqinisekiswe e-laboratory ezabikwa ngemuva kwesimemezelo sokuthi kubuyiselwe emuva yonke imikhiqizo ethintekayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.