Sinyukile isibalo sabantu abasuleleke ngezifo zocansi eGauteng - Umbiko

2017-09-08 12:29

eGoli - Sinyuke kakhulu isibalo sabantu abasuleleke ngezifo zocansi (STI) esifundazweni iGauteng kule minyaka emibi edlule.

Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe, uGwen Ramokgopa.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iCenturion Rekord uRamokgopa uveze lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo weqembu le-DA esiShayamthetho saseGoli ngoLwesithathu.

Lo Ngqongqoshe uthi abantu abaseminyakeni ephakathi kuka-20 no-29 ubudala yibona abasuleleka kakhulu ngalesi sifo kanti futhi baningi abesimame abasebenzisa izikhungo zikahulumeni ukudlula abantu besilisa.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owadlwengula ingane yentombi

Bangale kuka-500 000 abantu abalashelwe lezi zifo ezikhungweni zikahulumeni kule minyaka emibili okukhulunywa ngayo.

“Okushaqisa kakhulu wukuthi linyuke kakhulu izinga labantu abanezifo ezifana ne-syphilis, chlamydia kanye ne-gonorrhea. Yize zelapheka lezi zifo, ukwanda kwazo kwandisa amathuba okusuleleka ngegciwane lengculazi,” kusho yena.

Uthi kudingeka imizamo emisha yokugwema lezi zifo kanye nemishanguzo esheshayo yokuzelapha ukuze kuvikeleke abantu abasha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.