Sinyukile isibalo seziboshwa eziphase kahle umatikuletsheni

2018-01-05 18:01

Johannesburg – Sinyukule isibalo sabaphase umatikuletsheni ka-2017 ngo-4.6% uma kuqhathaniswa nesango-2016, emajele.

Ukukhishwa kwemiphumela kamatikuletsheni kubonisa ukuthi iziboshwa ziphase ngo-76.7%, lokhu kuvezwe wuMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo.

"Sekungokwesithathi izikhathi zilandelana ukuba lo mnyango weqe u-70% obekwe wuzwelonke," kusho lo mnyango ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:Izikole ezisezindaweni zasemakhaya yizona ezenze kahle kakhulu

Zingu-233 iziboshwe ezibhale izivivinyo zazo zikamatikuletsheni, lolu hlelo lwaqala ngo-2007 ngesikhathi lomnyango uvivinya iziboshwa ezingu-21.

Kulokhu, likhulile nezinga lezifundo ezibhalwayo ezithathwa njengezibalulekile ngoba ziningi iziboshwa ezibhalisela izifundo zezibalo, akhawuntingi kanye ne-physical science.

Kulo nyaka zingu-48 iziboshwa ezibhase nge-bachelor, ezingu-55 ziphasele ukwenza i-Diploma kanti ezingu-39 zizokwazi ukuqhubeka nezifundo zezitifiketi zemfundo ephakeme.

Isiboshwa esiphase ngamalengiso kube wuSamkelo Mpofana,osesikhungweni esaziwa ngokuthi Usethubeni Youth Centre eWestville Correctional Centre eThekwini.

UMpofana uthole ama-distinction amahlanu esiZulwini, isiNgisi, life orientation, history kanye ne-tourism.

USenzo Fundzo noSicelo Chili, nabo abakulesi sikhungo bangabanye abaphase kahle kakhulu, umuntu ngamunye uthola ama-distinction amathathu.

Obashaye bonke emakhanda ngezibalo kanye ne-physical science uShiba Ndumiso Brightman, osejele laseKuseni Correctional Centre eNewcastle, KwaZulu-Natal, leli jele beliqala ukuba nezivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.