Siphelile isiteleka sabasebenzi base-DUT, kodwa izingxoxo ziyaqhubeka

2018-03-01 18:00

Durban - Kuqhubekile ukubhalisela ukufunda enyuvesi iDurban University of Technology namuhla (ngoLwesine) ngemuva kokuphela kwesiteleka sabasebenzi bakulesi sikhungu abebefuna ukukhushulelwa amaholo, ebesesithathe amaviki ayisikhombisa.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iSekela likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uButi Manamela, ebambe umhlangano nabaholi benyunyana kanye nabaphathi besikhungo ngoLwesibili ukuzama ukuthi abathintekayo bafinyelele esivumelwaneni.

OLUNYE UDABA:Siyaqhubeka isiteleka sase-DUT

Okhulumela inyunyana iFereration of Unions of South Africa (Fedusa), uFrank Nxumalo, uthe ngesikhathi kuqhubeka umhlangano izinhlaka zivumelane ngezizokudingida mayelana nalesi teleka.

Uthe: "Okunye okuvunyelwane ngakho wukuthi izinyunyana zizonikezwa isikhathi kuze kushaye uLwesithathu [wayizolo] ukuba ziyoxoxisana namalungu ngokumiswa kwesiteleka, izingxoxo zisaqhubeka.

"Ngakho namuhla bekufana nokuthi wusuku lokuqala lwezingxoxo, okusho ukuthi akukho esisavumelane ngakho."

UNxumalo uthe amalungu azobuyela emsebenzini, izingxoxo zibeziqala.

Bekulokhu kumile ukufunda kulesi sikhungo semfundo ephakeme njengoba abasmebenzi bebengene esitelekeni esigcine sijoyinwa ngamafundi abebezwakalisa ukuzwelana nabo.

 - SABC



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.