Siphoxekile ngokuxoshwa kukaBlade Nzimande - Mantashe

2017-10-17 16:00

Johannesburg - UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ukuchaze njengesidabukisayo isinqumo sokuxoshwa kukaBlade Nzimande njengoNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, ethi ubenza umsebenzi omuhle kulesi sikhundla.

NgoLwesibili ekuseni iHhovisi likaMengameli limemezele ukuguqulwa kweKhabhinethi lapho kubonakala khona ongqongqoshe abambalwa beshintshisana ngezikhundla, kwathi uNzimande yena wadliwa yizembe.

UMantashe uthe yize isigungu esiphezulu se-ANC sazisiwe ngezinhlelo zokuguqulwa kweKhabhinethi, kepha asizange sithintwe ngemigudu elandeliwe, kubika i-EWN.

Uthe ukufakwa amasondo kukaNzimande kuzobulimaza kakhulu ubudlelwano obukhona phakathi kwe-ANC ne-SACP.

I-SAPC ikhiphe isitatimende kulandela ukuxoshwa kukaNzimande, yasigxeka kakhulu lesi sinqumo.

OLUNYE UDABA: UZuma wenze izinguquko kwiKhabhinethi

"Siyagxeka kakhulu lesi sinqumo esisho ukuthi umbimbi lusengozini yokubhidlika. Ngokubona kwethu, lokhu akukhona ukuguqulwa kweKhabhinethi kepha bekuqondwe ukuxosha uNzimande.

"Ngokujwayelekile, uma kuguqulwa iKhabhinethi, lokho kusuke kwenziwa ngenhloso yokuliqinisa, kepha kulokhu leyo akuyona inhloso njengoba kugcinwe amalungu amaningi ayimiquba ezikhundleni."

Izinguquko zimi kanje:

1.     USolwazi Hlengiwe Mkhize usenguNgqongqoshe weMfundo ePhameke nokuqeqeshwa.

2.     U-Ayanda Dlodlo unguNgqongqoshe wezaseKhaya

3.     UMmamaloko Kubayi uNgqongqoshe wezokuXhumana

4.     UDavid Mahlobo uNgqongqoshe wezaMandla

5.     U-Adv. Bongani Thomas Bongo uNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso.

6.    UButi Manamela yiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuqeqeshwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.