Sisamile ku-10 isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo eW Cape

2018-04-03 12:30

Cape Town - Sisalokhu sime ku-10 isibalo sabantu abadlule ezingozini zomgwaqo ngempelasonto yePhasika eWestern Cape.

Lesi sibalo kubonakala sengathi sehlile uma kuqhathaniswa nesangonyaka odlule ngesikhathi esifanayo.

Ngempelasonto yePhasika yango-2017 kwashona abantu abangu-22 ezingozini zomgwaqo esifundazweni.

Isikhulu samaphoyisa omgwaqo eWestern Cape uKenny Africa, sithe iningi labantu elishone ezingozini zomgwaqo ngabantu abahamba ngezinyawo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Kushone ababili engozini enyantisa igazi

"Kulesi sibalo sabantu abangu-10 abadlule ezingozini zomgwaqo bangu-6 abantu abahamba ngezinyawo noyedwa wesithuthuthu. Esinye isisulu sishone ngesikhathi umshayeli weveni ehluleka ukulawula imoto."

Kwesinye isigameko, kushone owesifazane nengane ngemuva kokuba umshayeli wemoto abebehamba ngayo ehlulekile ukulawula imoto ngakuHouwhoek Pass.

Imoto ibe isiphonseka eweni.

Amaphoyisa omgwaqo akhiphe amathikithi abalelwa emalini engu-R1 million kule mpelasonto kwaboshwa abashayeli abangaphezu kwabangu-60 ngokushayela bengaphansi kwengcindezi yotshwala. 

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.