Sisathuthumela isalukazi esibone indodana idutshulwa phambi kwaso

2017-01-20 19:40

kwaDindi -  UMnuz Zenzele Nxele,4, udutshulwe ekhanda ebusuku ngoMgqibelo ekubo nonina nezinye izihlobo.

Kulesi sigameko kulimale nezihlobo ezimbili ezithelwe amaphazela ngesikhathi kuhlaselwa uNxele ngentululwane yenhlamvu.

Isihlobo esisodwa kuthiwa sisesimweni esibucayi ngoba sidubuleke esiphongweni.

Umndeni kaNxele uthe kunzima ukuphawula ngokuthi wubani owenze lokhu ngoba uNxele ubengenazo izitha.

“Singumndeni lesigameko sisishiye sithukile kanti futhi sisabela nezimpilo zethu ngoba asazi ngubani ozolandela.

"Lomuntu owenze lento ubembuka kahle ngoba kuyakhanya ngaphakathi wambona ngisho esehlezi phansi wase eyamdubula,” kubeka uMnuz Kwazi Nxele ongumfowabo umufi.

OLUNYE UDABA:Umnikazi wesitolo udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu eThekwini

Uqhube wathi abazi okufanele bakwenze ngendlela okunzima ngayo.

“Siyafisa umthetho udlale indima yawo kuloludaba babanjwe abasolwa bathole nesigwebo esibafanele kuthathwe ukhiye ulahlwe kude.

Sihlukumezeke kakhulu nesalukazi sithwele ubunzima kusangcono njengoba kusakhona abantu masebehambile kuzobanzima kakhulu ngoba yonke lento eyenzekile phambi kwaso izobuya,” kuchaza uMnuz Nxele.

Amaphoyisa asesiteshini iTaylors athe udutshulwe  ekhanda washonela endaweni yesigameko kanti abasolwabasagcwele izinkalo. Aphethe ngokuthi uphenyo lusaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.