Sisazinzile isimo eMahikeng ngemuva kohambo lukaMengameli

2018-04-23 09:30

Johannesburg - Sizinzile isimo seMahikeng kulandela imibhikisho eyadonsa izinsuku ezintathu ngenhloso yokuba kukhishwe esikhundleni uNdnankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Sabata Mokgwabone utshele iNews24 ukuthi nakuba kube nothuthuva ngoLwesihlanu ebusuku, isimo sizinzile selokhu uMengameli Cyril Ramaphosa akhuluma nababhikishi ngalo uLwesihlanu.

Bangu-9 abantu ababoshiwe ngoLwesihlanu ngodlame emphakathini, nokusho ukuthi sebengu-32 abantu asebeboshiwe selokhu kwaqala umbhikisho.

OLUNYE UDABA: Baphinde basala dengwane abagibeli kuqhubeka isiteleka sabamabhasi

"Kunabanye okusamele sibabophe. Lokho kungenzeka namhlanje, kodwa kusangenzeka futhi baboshwe kusasa,” kusho uMokgwabone.

Amaphoyisa asakhona ukuqapha isimo endaweni.

Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane uzwakalise ukweseka labo abafuna aphume esikhundleni uNdunankulu ngesikhathi evakashele eMahikeng ngoMgqibelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.