Sisenkingeni isikole ngokubuza abafundi ngomdwebo kaZuma

2016-05-23 14:31

Johannesburg – Umsebenzi wesikole omayelana nomdwebo kaZapiro ngoMengameli Jacob Zuma entanta ku-swimming pool ogcwele imali, ungase ufake isikole saseGauteng enkingeni.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, uxwayise ngokuthi sizothathelwa izinyathelo ezinqala lesi sikole ngoMsombuluko.

ULesufi ufake isithombe sephepha elinemibuzo nezimpendulo enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

Lo mdwebo kaZuma entanta emanzini wadwetshwa uZapiro ngesikhathi kuqubuka umsindo ngo-R246 million owasetshenziswa kulungiswa ezokuphepha emzini kamengameli oseNkandla.

Abafundi kulesi sikole bebebuzwa ukuthi ngubani le ndoda esesithombeni.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe abafundi ocansini emathoyilethi esikoleni

Omunye umbuzo ubuthi, uma ubuka umdwebo, ngabe ungayivotela yini le ndoda ukuthi ibe ngumengameli.

Omunye umfundi uphendule kanje: “Cha, ngeke ngimvotele ngoba ubukeka eyisiwula esingabacabangeli abanye abantu futhi ubhukuda emalini okusho ukuthi uzicabangela yena yedwa ngasezimalini.”

Le mpendulo kubukeka imhlabe umxhwele uthisha njengoba eze wabhala ukuthi “Good” eduzane kwayo.

Okhulumela uMnyango u-Oupa Bodibe uqinisekisile ukuthi lolu daba lwayiswa ngumzali kuLesufi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.