Sisesibhedlela isigebengu esizame ukugebenga umseshi

2017-06-07 07:01

Blantyre - Amaphoyisa aseBlantyre ngoMsombuluko adubule owesilisa obezama ukugebenga iphoyisa elisebenza njengomseshi.

Ngokombiko wamaphoyisa, umsolwa owaziwa ngelikaRichard Gaza udutshulwe esiswini.

Kuthiwa lo msolwa uhlasele umseshi u-Owen Msiska obehamba emgwaqeni uBluebird.

Lo msolwa ukhiphe ummese wagwaza leli phoyisa efuna umakhalekhukhwini wakhe.

Leli phoyisa lizame ukuthola usizo ngokumemeza ngenhlanhla kwaqhamuka amaphoyisa abeseduze nale ndawo.

OLUNYE UDABA:Babeke phansi izingcingo abasebenzi bakwa-10111

Lesi sigebengu sizame ukubaleka kodwa ngeshwa sazithela phezu kwamaphoyisa abezohlola lo obememeza.

UConstable Liwonde uqale wasabisa isigebengu ngokudubula phezulu, wase esidubula esiswini.

Isigebengu kanye nephoyisa, bobabili abathole ukulimala, baphuthunyiswe esibhedlela iQueen Elizabeth Central.

Iphoyisa lilashwe inxeba elisengalweni ngaphambi kokukhishwa. Isigebengu sona sisesimeni esibucayi kanti kulindeleke ukuba sihlinzwe, kubika iMalawi24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.