Sishe sangqonqa isalukazi silele

2017-02-10 12:31

Johannesburg - Basola isandla somuntu ngendlu yesalukazi, 95, eshe yangqongqa KwaMhlabuyalingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngeSonto ebusuku, kubika iphephandaba ILANGA.

UMafavuke Masinga, bese kuyisikhathi eside ehlala kule ndlu efikisela ngamahloni ashonele kuyona, engafuni ukususwa kuyona.

Kucelwa noma ngabe ubani ongasiza ukuba afihlwe kwazise amandla okumngcwaba awekho.

UFutulula Agnes Skombo, oyindodakazi kamufi, uthi bese bezame kaningi bemncenga unina ukuba aphume kule ndlu abehlala kuyona kodwa ashaye phansi ngonyawo athi ngeke yena ashiye indawo yakhe.

Uthi ithemba labo sebelibeke ekhanseleni lendawo uJohnson Gwala nasebuholi bukaMasipala waKwaMhlabuyalingana mayelana nezindleko zomngcwabo.

“Sishaqekile ngokwenzekile lapha ekhaya, umama ubengathandi ukusuka kuleya ndlu yakhe.

OLUNYE UDABA: USomlomo uyitotose kakhulu i-EFF - Mantashe

“Okungishiya nemibuzo wukuthi ngimgeze kusakhanya ngase ngibuyela emzini wami ngilicishile ikhandlela. Yena ubengasenawo amandla okuvuka akhanyise ikhandlela, okwenza ngisole ukuthi kube nesandla somuntu ekufeni kwakhe.

“Sicela usizo ukuze sizokwazi ukumngcwaba njengabo bonke abantu emphakathini.”

UGwala uthe uwutholile umbiko kodwa usayokhuleka ezikhulwini zikamasipala ukuba zilekelele lo mndeni.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokushona komuntu kodwa kakukho muntu oseboshiwe ngesigameko.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.