Sishubile isimo elokishini laseMbali umphakathi uvuka umbhejazane

2017-06-19 18:01

Mbali - Zivuke umbhejazane izakhamuzi zaseMbali zikhalaza ngogesi odla kakhulu ephaketheni futhi zithembisa ukumisa konke ukusebenza kuleli lokishi uma uMasipala engaluxazululi lolu daba, kubika i-KZN Eyethu.

Abasebenzi, izingane zesikole  ezifunda ngaphandle kwaleli lokishi zibambezelekile, kanti abaningi baqome ukuhlala emakhaya emuva kokuthikamezeka kokuhamba kwezimoto njengoba bekuvalwe imigwaqo eminingi ephumayo kuleli lokishi.

Ngokusho kwezakhamuzi, ukubiza kukagesi sekwenza ukuthi bangakwazi ukufeza ezinye izidingo.

“Uma ukhokha u-R100 uthenga ugesi, uthola cishe oka-R60, sifuna ukwazi ukuthi lena enye imali idliwa yini,” kusho isakhamuzi salapha esingafunanga ukuba igama laso lidalulwe.

OLUNYE UDABA:Izakhamuzi zishise isigubhu sikagesi kunombhikisho

Esinye isakhamuzi sithe sekunesikhathi belukhuluma lolu daba nekhansela lendawo kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.

“Sifuna iMeya ingenelele, ngoba uma kungenzeki lokho siyaqhubeka nalo mbhikisho,” kusho esinye isakhamuzi.

Amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba kanye nesisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza ababhikishi.  Abashayeli bamatekisi bakhale kakhulu ngokuthikamezeka kokusebenza abathe kube  nomthelela kubona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.