Sisindiswe wukukhahlela isigebengu isalukazi esihlaselwe silele

2017-02-01 11:30

Durban - ULorraine Craig, 72, usinde ngokulambisa izigebengu zigasela emzini wakhe ngeSonto ezintatha.

Ngokusho kwalo wesimame, ubelele egumbini lokuphumula ngoba enenkinga yentamo ngakho-ke ubengakwazi ukulala aqonde embhedeni.

“Ngivuswe yizandla ezivele zangigxavuna entanyeni, ngisindiswe ukuthi bengifake i-neck collar,” kusho yena.

Ngokubika kwephephandaba i-South Coast Sun, lesi salukwazi sithi sivele sagxuma sakhahlela lo mlisa ophenduke wabuza ukuthi sihleli nobani lapha endlini.

“Ngimtshelile ukuthi nginophathina wami osegumbini lokulala. Ungidonsele khona ethi asiyomvusa.”

OLUNYE UDABA:Ubaba ubulale isigebengu ebesizama ukudubula indodakazi

Lesi sigebengu sithathe omakhalekhukwini abahlanu, amawashi amane kaphathina wakhe, uJames Conradie,65, kanye nemali.

“Uthe ufuna nezibhamu samtshela ukuthi asinazo. Ubelokhu ememeza umuntu ukuba akazosibulala, kodwa ngivele ngasola ukuthi akahlomile,” kusho lesi salukazi.

Ngesikhathi kufika amaphoyisa, kubonakale ukuthi lesi sigebengu siqale sazama ukungena ngewindi lasegumbini lokugezela, kodwa sahluleka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.