Sithembisa ushintsho isikhulu esisha sase-KPMG

2017-10-05 16:00

Cape Town – Isikhulu esiphezulu esisha e-KPMG, uNhlamu Dlomu, sithi sizolweseka uphenyo oluzokwenziwa ngabazimele ngale nkampani ecwaninga amabhuku ukuze ibuyelwe ukwethenjwa futhi.

Le nkampani ibivele phambi kweStanding Committee on Public Accounts ePhalamende ekuseni ngoLwesine izochaza ukuthi kungani uhulumeni kumele aqhubeke nokuyisebenzisa kulandela isigameko sayo ngombiko wakwa-Sars.

I-KPMG yenzela izinhlaka zikahulumeni ezingu-222 imisebenzi kanti imiklamo ebhekene nayo kuhulumeni ilinganiselwa ku-1 300.

OLUNYE UDABA: Iyenyuka intengo kaphethiloli

UDlomo utshele ikomidi ukuthi uzibophezele ekuthatheleni izisebenzi izinyathelo uma zifaka inkampani ehlazweni.

“Ngenxa yokuthi sikholelwa wukuthi kubalulekile ukuba siphinde sethenjwe ngumphakathi,… yazini ukuthi sizowalungisa amaphutha ethu.”

Uphinde wathi bazokwenza isiqinisekiso sokuthi amaphutha abo abawaphindi futhi ngokuzayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.