Sithi asikwazi nokuhlala isalukazi 'esidlwengulwe umakhelwane'

2017-06-22 12:30

Kimberley - Akakwazi nokuhlala owesifazane oneminyaka engu-68 ubudala ngemuva kwezinsolo zokudlwengulwa umakhelwane wakhe, abazukulu bakhe ababili belele eceleni kwakhe embhedeni wakhe, eLerato Park, ekuqaleni kwesonto.

Lo wesifazane, obebelethe emhlane umzukulu wakhe omncane ngoLwesithathu, uthe uthole ukwelashwa esibhedlela iGaleshewe Day nesaseKimberley ngenxa yeninga yesibeletho kulandela ukudlwengulwa ngoMsombuluko ekuseni ngezithuba zbao-03:30.

"Kufanele ngihlinzwe kulandela ukulimala kwami kanti njengamanje ngisezinhlungwini ezinzima."

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe isalukazi ngoba sinemali encane

Uthe ubezama ukuvikela abazukulu bakhe, onezinyanga ezingu-8 ezelwe noneminyaka emibili ubudala, ngesikhathi edlwengulwa.

"Bengizumekile ngangamuzwa umuntu ongena endlini. Ngibe sengizwa into esindayo phezu kwami kodwa ngihluleka ukuvuka. Engikwaziyo nje ukuthi bekwenzeka into engalungile. Umsolwa ubebukeka njengomakhelwane wami oneminyaka engu-51 ubudala kodwa bengisaphethwe ubuthongo angibonanga kahle."

Ikhansela lewadi uPaul Kok, elibikelwe yilungu lomphakathi ngesigameko, lithe umsolwa ujahwe ngamalungu omphathi kanye nawe-Operation Wanya Tsotsi ngoLwesithathu, wabanjwa waboshwa.

"Umsolwa ubesemzini wakhe kanti ngesikhathi esengibona ngingena emzini wakhe uvele wabaleka. Sibe sesimjaha samthola sase simnikela emaphoyiseni," kusho uKok.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Bashoabile Kale, uthe umsolwa uboshwe ngoLwesithathu ngamalungu amaphoyisa aseRoodepan kulandela uphenyo.

"Umsolwa, 51, uthweswe icala lokudlwengula kanti kulindele ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKimberley maduze," kusho uKale.

 - Diamond Fields Advertiser

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.