Sitholakale sesonakele isidumbu sobedukile eKZN

2018-03-08 18:01

Durban - Nakuba umndeni wakhe ubunethemba lokuthi uzobuya ephila, kutholakale isidumbu sakhe ebesesonakele esikhotheni eceleni komgwaqo.

Umalume kaMzwenkosi, uVika Wanda, 69, uthi umndeni wakhe ushaqekile ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubengumuntu obehlala eneme futhi ubengenazo izitha endaweni.

Uthi uMzwenkosi wahamba eya kwaHlela kunomshado wesintu, kodwa wangabuya ekhaya. Uthi bebengakhathazekile ngenxa yokuthi bahlobene nabakwaHlela.

“Saqala ukukhathazeka ngemuva kwezinsuku ezimbili. Sathumela izingane emndenini wakwaHleba ukuba ziyombheka uMzwenkosi. Sashaqeka sizwa ukuthi wahamba uphela nje umshado.”

UVika, oyinduna yendawo, uthi wabikela amaphoyisa ngokulahleka komshana wakhe.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe inja elume usana olusanda kuzalwa

Uthi isidumbu satholwa ngabantu abahlanza umgwaqo.

UVika uthi abangani baMzwenkosi batshela umndeni ukuthi wahamba eya ethaveni ngemuva komshado.

“Sicabanga ukuthi wabulawa ethaveni, walahlwa esikhotheni. Sikholelwa ukuthi waklinywa ngoba akanawo amanxeba emzimbeni.”

Okhulumela amaphoyisa eKZN uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthi kuvulwe idokodo emaphonyiseni aseMbumbulu ukuze kwenziwe uphenyo.

“Ukuhlolwa kwesidumbu yikhona okuzoveza ukuthi wafa kanjani.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.