Sithole iziyalo kuKhoza isitobha esisha sePirates

2016-08-15 14:30

Durban – USihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, usexwayise umdlali wasemuva uThembela Sikhakhane kulandela ukuthi iqembu lingabanga nesizini enhle ka-2015/16.

USikhakhane uthole iziyalo ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu eqenjini likaMuhsin Ertugral.

Lo mdlali, 23, odabuka oLundi, KwaZulu-Natal, uthi namanje usawezwa amazwi kaKhoza enkenteza ezindlebeni zakhe, kubika iLANGA.

Uthe uKhoza umyale ngokuthi angathathi udumo alufake ekhanda njengoba esedlalela iqembu elikhulu.

OLUNYE UDABA: UKhoza owenza ngangaya e-Europe

“Ngizimisele ngokwenza umsebenzi engiqashelwe wona kuPirates. Yiqembu elikhulu leli, lokhu kufana nokufezeka kwephupho lami,” esho.

USikhakhane uthembise ngokuziphatha kahle aphinde ahloniphe ozakwabo, wathi ngeke awone umlando oshiywe nguSiyabonga “Nsimbi” Sangweni.

Uphethe ngokubonga uSihlalo weGolden Arrows ngokumkhulisa kahle.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.