Sitholwe ethuneni elingashoni isidumbu sendoda ebidukile

2017-05-30 14:01

Johannesburg - Isidumbu sendoda yaseNorth West eyaduka ngemuva kokuvakashela umzala wayo sitholwe sishisiwe sase sigqitshwa ethuneni elingashoni.

UTuelo Mokoto waduka ngomhlaka-2 Meyi ngesikhathi evakashele umzala wakhe u-Onalenna Sedietso eTlapeng village eduzane naseMorokweng, eGanyesa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe kuboshwe abantu abathathu ngecala lokubulala.

Imoto kaMokoto yatholakala ishile ehlathini ngemuva kwezinsuku ezimbalwa enyamalele, kodwa isidumbu singabonwa.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu esikoleni ngehlaya lezisini

Ukunyamalala kukaMoloto kwaqubula izinsolo zokubulala indodana ka-Onalenna ngezinsolo zokuziphindiselela kuye, esolwa ngokuthi uyazi ukuthi uMokoto ukuphi.

Ingxabano yomndeni yaholela ekutheni kushone u-Okame Sediatso, naye owabulawa washiswa ngabantu abangaziwa.

NgoMsombuluko, u-Onalenna uthe lokhu kubulawa kwalaba bobabili kubuhlungu.

Uqinisekise ukuthi omunye wabasolwa kulaba abathathu yindodana yakhe.

"Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga ngiyovuka ngitshelwe ukuthi konke lokhu yiphupho elibi, angikholwa ukuthi indodana yami yabulala umzala wayo."

Uthe udaba lukaMokoto lwamethusa kakhulu.

UMokgwabone uthe akukaboshwa muntu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kuka-Okame.

Uthe abasolwa, oneminyaka engu-28, engu-29 nengu-38 bavele okokuqala enkantolo ngomhlaka-26 Meyi.

 SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.