Sitholwe sibambe ummese ngesandla isidumbu ebesesibolile eThekwini

2016-08-08 19:04

Durban - Isisulu sasibambe ummese esandleni njengoba isidumbu saso esasesibolile sigcwele amanxeba.

Lesi isigameko esinyantisa igazi esavelela umndeni kaFanizana Myeni ngeskhathi isidumbu sakhe sitholwa edamini laseQuarry Heights ngoMgqibelo,

UMyeni, 31, waseQuarry Heights enyakatho neTheku kusolwa ukuthi wangena edamini ngoMgqibelo odlule.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umlamu kutholakala isidumbu

Kwabikwa ukuthi wayegijinyiswa ngamadoda abeke axabana nawo ngaphambilini.

Ngemuva kokunyamalala kwakhe, wabhekwa isonto lonke.

UZakhele Zulu, 32, ongusibali wakhe utshele iDaily Sun ukuthi: "Ngathola ucingo olwaluvela kwisakhmizi ngoMgqibelo singazisa ngesidumbu esintanta edamini.

"Angichithanga sikhathi ngaphuma endaweni yesigameko ngabiza amaphoyisa ngemuva kokubona isidumbu," usho njalo.

UZulu uthe isigameko sibuhlungu.

"Kwakubukeka sengathi wayeshayiwe kanzima.

"Ngesikhathi sebebona ukuthi useshonile bamuphosa emanzini.

"ANgikholwa wukuthi waziphosa yena.

UZulu uthe ufuna amaphoyisa enze uphenyo lunzulu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa aseGreenwood Park.

"Kusaphenya imbangela yesigameko kanti akukaboshwa muntu."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.