Sithweswe icala isiboshwa 'esibulale' esinye nge-toaster

2017-01-03 11:30

Sydney – Ikhehla lase-Australia elidonsa isigwebo seminyaka ngokubulala umkalo kanye nabazulu ababili liphinde lathweswa icala lokubulala ngoLwesibili.

Leli khehla kuthiwa lishaye labulala esinye isiboshwa nge-sandwich toaster.

UJohn Walsh, 77, kuthiwa ushaye uFrank Townsend ejele ebebehlala kulona ndawonye, okungeleziboshwa esezikhulile, ngaseSydney.

OLUNYE UDABA:  Bafuna anqatshelwe ibheyili 'obulale' ingane

Unogada uzwe umsindo ngoMsombuluko wabe esephuthuma khona.

"Unogada ungene ngaphakathi wakhanyisa ugesi wabona uTownsend elimele,” kusho okhulumela amajele eNew South Wales Corrective Services, oqhube wathi isisulu siphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho sishonele khona ngokuhamba kwesikhathi.

UWalsh kulindeleke avele enkantolo ngoLwesithathu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.