Sivulelwe icala lokweba 'isitshudeni sika-R14 million'

2017-09-05 19:30

East London - Inkampani ezimele i-Intellimali isimangalele isitshudeni saseWalter Sisulu University (WSU), ngecala lokweba imali engu-R14 million esafakelwa yona ngephutha, kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Marinda Mills ngoLwesibili.

"Izikhulu zakule nkampani zivulele uSibongile Mani icala lokweba esiteshini samaphoyisa aseBerlin namuhla (ngoLwesibili).

"Leli cala lidluliselwe kumseshi osemnkantshbomvu emsebenzini, kuzobe sekulandelwa inqubo ejwayelekile yokuphenya kwamacala," kusho uMills.

Lesi sitshudeni sasenyuvesi kwakufanele sifakelwe imali engu-R1 400 owawufakelwa bonke abafundi uvela kwaNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ufakwa ngabenyuvesi. Lokhu kwenziwa yinkampani emele inyuvesi i-Intellimali.

OLUNYE UDABA:Usebhekene nezinyathelo zomthetho umfundi ofakelwe u-R14m ngephutha

UMani kusolwa ukuthi wafakelwa imali engu-R14 million esikhundleni sokufakelwa u-R1 400, wasebenzisa kuyo u-R818 000 ngaphambi kokuba kuvele.

Abesikhungu sale mfundo ephakeme baveze ukuthi uMani le mali uzoyikhokha njengengxenye yemali-mboleko yezitshudeni, kodwa okwamanje bafuna ukwazi ukuthi konke lokhu kwenzeke kanjani.

Abenyuvesi bafuna nombiko ophuthumayo ovela enkampanini i-Intellimali oveza ukuthi lesi sitshudeni sakwazi kanjani ukuthenga ngale mali ezitolo ezingalamukeli leli khadi layo.

Izitshudeni zivunyelwe ukusebenzisa le mali ezitolo ezikhethekile zokudla, ezezincwadi nempahla yokugqoka, kodwa uMani wakwazi ukuthenga impahla ebizayo ngaphambi kokuba abanjwe ngo-Agasti.

Abe-Intellimali, okuyinkampani eyasungulwa yizikhulu ezimbalwa ezazisebenza kwa-NSFAS, bakhiphe isitatimende ngesonto eledlule bethi imali eyakhishelwa izitshudeni yabhekisiswa ngaphambi kokuba ifakwe kumakhadi azo ngakho nabo bazophenya ukuthi kwenzeka kanjani lokhu. 

Amaphoyisa athe azoqala apheke ngemibuzo labo ababandakanyekayo kulesi sigameko, ngaphambi kokuba baye kwi-National Prosecuting Authority.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.