Sivulelwe icala isisebenzi esidubule sabulala isigebengu

2017-02-07 14:33

Durban - Isisebenzi sikaMasipala weTheku siphenduke iqhawe ngesikhathi sidubula sibulala owesilisa obebamba inkunzi owesifazane obelindele itekisi.

Isisebebenzi sidubule sabulala obezama ukubamba inkunzi owesifazane eManzimtoti ngoMsombuluko ntambama.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe, uphenyo lokuqala luveza ukuthi owesifazane ubelinde itekisi esitobhini ngasemafulethini eSan Raphael ngesikhathi ebanjwa inkunzi ngabesilisa abathathu.

“Ubelinde itekisi ngesikhathi ehlaselwa abesilisa abathathu ebebehlome ngesibhamu nangommese befuna umakhalekhukhwini wakhe, bemsabisa ngokumbulala,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Umfana,3, usindiswe ngumfowabo elunywa yinja ysekhaya

“Izisebenzi zikamasipala bezisebenzaendaweni ngesikhathi zibona lesi sehlakalo, zazama ukusiza isisulu.”

UMbhele uthe omunye wabasolwa uzame ukugwaza uMsamariya olungile (isisebenzi sikamasipala).

“Isisebenzi sivulele ngenhlamvu, kwalimala umsolwa. Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapo eshonele khona. Kuvulwe icala lokuzama ukubamba inkunzi nelokubulala esitateshini samaphoyisa eManzimtoti,” esho.

Isisebenzi sikamasipala sivulelwe icala lokubulala kodwa lingase lihoxiswe. 

- TimesLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.