Siyafihlwa isihlabani somculo weGospel

2017-02-05 09:00

Cape Town - Sibekwa endaweni yaso yokugcina isihlabani somculo weGospel namuhla (ngeSonto), uLundi Tyamara, eWorcester eWestern Cape.

Lesi sihlabani sidlule emhlabeni ngesonto eledlule kulandela ukugula isikhathi eside siphethwe yi-TB yesisu nenkinga yesibindi.

OLUNYE UDABA: Kuthinteke nendodana kaSfiso Ncwane ngokushona kukaLundi

Ihholo lomphakathi iZwelethemba eWorcester laligcwale phama ngoLwesihlanu emlindelweni kaTyamara, 38.

Okhulumela umndeni u-Ayanda Jones uthe, balahlekelwe kakhulu.

"Kubuhlungu, kusukela kubantu abasha kuya kwabakhulile. Uma ngingakuxoxela ngoLundi, ngingabhala incwadi. Njengoba ngike ngasho ngaphambilini, uLundi ubengumfana obegcwele injabulo. ULundi ubehlekisa, engumfana ozithobile obelandela amasiko asekhaya. Wonke umuntu ubemgijimela uLundi uma efika ekhaya, ngoba sonke sasifuna ukuhlala naye."

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.