Cape Town - Ihlangano yamalungelo ezingane iMolo Songololo ithi siyakhula isibalo samacala ezingane ezidlwengula ezinye siyakhuphuka.
Le nhlangano ibikhuluma kulandela ukuboshwa kwebhungu elneminyaka engu-16 ubudala ngezinsolo zokudlwengula amantombazane amabili eneminyaka engu-9 neneminyaka engu-5 ubudala.
OLUNYE UDABA: Wathi kumnandi ukudlwengula-Ufakazi
Ngokusho kwamaphoyisa uNoloyiso Rwexana lo mfana kusolwa ukuthi izingane wazihehela emzini oseKhayelitsha kwaMakhaza wazidlwengulela khona.
Kusolwa ukuthi le eneminyaka engu-9 ubudala useyidlwengule izikhawu eziningi. Leli bhungu liboshwe ngesonto eleldule kanti livele ngoMsombuluko eNkantolo, kubika iCape Times.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter