Siyalulama 'isigebengu' esina-10 esidutshulwe 'sigqekeza'

2017-08-13 15:32

Johannesburg - Iyelulama intombazane, 10, esibhedlela ngemuva kokudutshulwa yindoda eyithole emzini wayo oKanyamazane ngezithuba zabo-03:00 ngoLwesihlanu ekuseni, kusho amkaphoyisa aseMpumalanga.

Le ntombazane isolwa ngokungena kulo muzi ngewindi nomfana oneminyaka engu-8 ubudala, kusho uColonel Mtsholi Bhembe.

"Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yeisgameko, afice ummangali, ongumnikazi womuzi, wawakhombisa izingane ezimbili ebezisendlini yakhe ngaphakathi," kusho uBhembe.

OLUNYE UDABA:Iyelulama ingane eyagwazwa yadlwengulwa

Le ndoda ithi izw umsindo ngaphakathi endlini ngesikhathi ilele embhedeni wayo.

"Ibe isivuka yayobheka ukuthi kuqhubekani, ngesikhathi ivula umnyango wekamelo yalo, ibone kukhanya egumbini lokuphumula. Yabe isithatha isibhamu sayo, yaphuma ekameleni yalo, yabona isithunzi yabe isidubula kabili," kusho uBhembe.

"Kusolwa ukuthi ibe isizwa izw lengane lithi " ungangibulali". Wakhanyisa ugesi yabona iozimngane ezimbili, yazibuza ukuthi zifunani endlini yayo, yazibuza nokuthi zingene kanjani."

Intombazane ibiyopha. Idutshulwe engalweni.

"Kutholwe ukuthi lezi zingane zihlala kwelinye ilokishi elingamakhilomitha angu-5 nasendaweni yeisgameko," kusho uBhembe.

Umnikazi womuzi uvulelwe icala lokuzama ukubulala.

Izingane zona zibhekene necala lokugqekeza emzini womuntu.

Umfana omncane yena udedelwe ezandleni zabazali bakhe kanti intombazane yona isasesibhedlela.

 - SowetanLIve

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.