Siyaxolisa kakhulu, kusho uMampintsha ngolukaBabes

2017-06-23 17:59

Durban – UMandla “Mampintsha" Maphumulo bekanye noBongekile “Babes Wodumo” Simelane bazwakalise ukuxolisa kwabo ngokungahleleki kwaze kwagcina ngokuthi uBabes angaphumeleli ukuya kuma-BET Awards ngenxa ye-visa.

UBabes uhluleke wancama ukuthola i-visa yokuya eMelika kulo mcimbi, yize esesizwa yizikhulu zikaMasipala weTheku, lokhu kuvele esithangamini sabezindaba eThekwini ngoLwesihlanu.

UMampintsha noBabes bekumele balifulathele leli ngoLwesine (izolo) ngokwezinhlelo, balibhekise eLos Angeles.

“Konke okwenzekile akubanga yiphutha, kepha mhlawumbe uNkulunkulu kukhona abefuna ukungitshengisa khona.  Angisoli lutho, yize ngiphatheke kabi ngokubhuntsha kohambo. UNkulunkulu owaziyo,” kusho uBabes, obebukeka edangele.

UMampintsha uthe vele kufundwa ngamaphutha.

“Siyakhula, nakho lokhu kuwuphawu lokukhula. Kumele ngisukume ngenze izinto ngendlela efanele ngingaphindi ngiwele ogibeni olufanayo.

“Siyaxolisa kakhulu. Siyalibona iphutha lethu lokuthi kwasekuqaleni bekumele sibe nethimba labantu abenza imisebenzi eyehlukene ngaphakathi enkampanini. Namhlanje sikwazile ukuthola inkampani ephatha izindaba zethu,” kusho uMampintsha.

OLUNYE UDABA: Angidinganga isiNgisi ukuqokwa kuma-BET - Babes Wodumo

UBabes akakufihlanga ukuthi akumphathanga kahle ukubhuntsha kwalolu hambo, kepha wathi akekho umuntu amdinelwe ngalokhu.

“Izinto sezizoshintsha manje siyethembisa, ngoba ekuqaleni besenza izinto nje ngokunganaki ngoba nambi imbala bengike ngibe khona ehhovisi ngiyosiza ekubeni ngingazi lutho ngalapho,” kusho uBabes.

Ebuzwa uMampintsha ukuthi akayisikanga yini iphethini kuDJ Tira ekutheni izinto zenziwa kanjani, uthe naye ubezama ukuzibambela njengoba kwakwenza uTira kanti izinto ngeke zimsebenzele yena.

UMampintsha uqhube ngokuthi akasoze amdedela uBabes ngoba uyingane ezalelwe West Ink, okuyinkampani yakhe uBabes aqopha ngaphansi kwayo.

"Akulula ukumdedela ngenxa yokuthi uzalelwe la eWest Ink. Uma uyibuka le nkampani isencane, kepha isichume ngendlela emangalisayo," esho.

UBabes naye uhambe phezu kwala mazwi wathi akasoze amshiya uMpampintsha ngoba nguye umuntu owamvundulula futhi emgqugquzela nokuthi angeke estudiyo acule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.