Siyazisola ngokweseka uMkhwebane – Malema

2017-01-23 18:04

Johannesburg – Ukwesekela u-Advocate Busisiwe Mkhwebane ukuba abe nguMvikeli woMphakathi omusha kwaba yiphutha elikhulu, umholi we-EFF, uJulius Malema, usho kanjalo.

“Sivele sathatha upopayi ekhishini lamaGupta sase sathi ake simnike ithuba,” uchaze kanjalo ngesikhathi leli qembu libambe isithangami nabezindaba.

I-EFF yasekela uMkhwebane ngesikhathi kunohlelo lwasephalamende lokuthungatha owayezothatha izintambo kowayenguMvikeli woMphakathi ngaphambilini, uThuli Madonsela. Leli qembu lazishaya indiva izinsolo zabanye, okubalwa ne-DA, zokuthi uMkhwebane uyimpimpi.

OLUNYE UDABA: UMkhwebane uphika eyokuvulela uMadonsela icala

Kodwa-ke leli qembu lathi lizokubuyekeza ukuqokwa kwakhe uma ngabe engene ngezizathu ezingezinhle kulesi sikhundla.

“Sibheka ezinye izindlela zokutakula lelo hhovisi,” kusho uMalema. Uphinde waveza nokuthi i-EFF ivele isibheka ezinye izindlela zokukhipha uMkhwebane kulesi sikhundla.

“Kumele siyeke ukumbiza ngoMvikeli woMphakathi bese siqala ukumbiza ngoMvikeli woMbuso,” kusho uMalema.

Kwenzeka lokhu nje uMkhwebane usanda kusolwa ngokuthi washintsha umbiko othinta izizumbulu zemali okwatakulwa ngazo ibhange lakwa-Absa nguhulumeni wangesikhathi sobandlululo.

Ngaphambilini washiya imibuzo kwamanye amaqembu ezepolitiki ngokungaphikisani kwakhe nesicelo sikaMengameli Jacob Zuma kanye noNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana kanye nezindaba zomdabu, uDes Van Rooyen, sokuthi kuvinjelwe ukukhishwa kombiko kaMadonsela ngezinsolo zokulawulwa kombuso.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.