Siyenyuka isibalo sabashona beyosoka - Umbiko

2016-07-03 14:02

Johannesburg - Silokhu siqhubekile nokunyuka isibalo sabafana abashona beyosoka e-Eastern Cape kusukela kuqale isizini yokusoka emasontweni amabili edlule.

Okwamanje sekushone abafana abangu-10, kwahlengwa abangu-100 kwathi izikole ezingu-15 zokusoka zavalwa, kubika i-SABC.

Izigameko eziningi zenzeka kuTsolo, Libode, Ngqeleni naseBizana, kulesiya sifundazwe.

OLUNYE UDABA: Kugxekwe eyokuthathwa kwama-selfie ezikoleni zokusoka

Ababhekelele ukusoka bathi amabhungu amaningi asuke eyogcina lolu siko entabeni abulawa amakhaza, ukungawatholi amanzi enele nokushawa.

Inkosi uGcobani Tyhali unxuse abazali ukuba badlale indima yabo uma kuqhutshwa lolu siko.

"Abanye abafana baya entabeni ngaphandle kwemvume yabazali ngalokho-ke abanye bagcina beye ezikoleni ezingekho emthethweni. Sicela abazali baqaphele," esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.