Sizobuvikela ngakho konke ubuholi be-ANC- Edward Zuma

2017-02-10 14:02

Durban – Amaqembu athanda ukubukwa akumele abeyingxenye yenkulumo ebhekiswe esizweni ngokuzayo, kusho indodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward, ngoLwesine ebusuku.

Ivikela uyise, obelokhu ephazanyiswa ngesikhathi ethula inkulumo ngoLwesine ebusuku, indodana endala kaMengameli ithe lolu bekuwusuku olungeluhle ngaphansi kwentando yabantu eNingizimu Afrika.

"Indlela amanye amalungu amaqembu aphikisayo aziphathe ngayo iyihlazo. Kuseyibona labo bantu futhi abathi bayawuhlonipha uMthethosisekelo wentando yabantu yaseNingizimu Afrika.

"Kodwa namhlanje [ngoLwesine], bangabantu bokuqala ukwephula imithetho yoMthethosisekelo. Balokhu befuna ukukhuluma ngomuntu oyedwa, kuyacaca ukuthi yonke le nto ibingabo befuna ukufezekisa izinhloso zabo kwabezindaba.”

Inkulumo kaZuma ibambezeleke ngehora nemizuzu engu-15, ngesikhathi amalungu e-EFF eqhubeka nokumphazamisa, emsola ngokwephula uMthethosisekelo.

OLUNYE UDABA: Sishe sangqongqa isalukazi silele

U-Edward Zuma uthe akazi ukuthi abantu babavotela kanjani osopolitiki abanodlame ePhalamende.

"Uma uZuma ephule uMthethosisekelo…kungani bengayi eNkantolo yoMthethosisekelo, balandele imigudu efanele ukuze sibone ukuthi bayawuhlonipha uMthethosisekelo.”

Uthe kunokuba baphazamise bekumele basukume baphume ngokuthula, washo nokuthi i-EFF iyiqembu lezixhwanguxhwangu elibunjwe ngenxa yokuba nenzondo ngoZuma.

"Sizobuvikela ngempilo yethu ubuholi be-ANC, uma kunesidingo, njengomunye umholi welinye lamaqembu aphikisayo owayezimisele ngokufela uZuma.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.