Sizobuyela kwiClub World Cup – oweSundowns

2016-12-19 11:30

Cape Town – Isitobha seMamelodi Sundowns, uWayne Arendse, uthi leli qembu lizofunda ngokudlala kwiClub World Cup bese libuya seliyiqembu eliqinile eminyakeni ezayo.

AmaBrazilians aqede lo mqhudelwano wamaqembu angu-6 esendaweni yokugcina kulandela ukuthola isibhaxu sika-2-0 emdlalweni wabo wokuqala neqembu elihlulwe kowamanqamu, iKashima Antlers, ngaphambi kokuba aphinde ibhaxabulwe yi-Jeonbuk Hyundai Motors emdlalweni wokulwela indawo yesihlanu.

OLUNYE UDABA: UPitso uthi uyafa ukushelwa amaqembu aphesheya

U-Arendse uthi lo mqhudelwano ukwelinye izinga okunaleli bona abalijwayele, kanti uthi njengoba bafunda kwi-African Champions League ngaphambi kokuba bayinqobe bazophinde benze okufanayo namanje kulo mqhudelwano womhlaba wonke.

“Njengoba umqeqeshi egcizelelile, kwaba nonyaka kwiChampions League lapho sashaywa khona ngo-3-1 yi-TP Mazembe. Futhi safunda kulokho.

“Sabuyela emuva sase silungisa lezo zinto. Sabe sesiba ngcono futhi sathuthuka sase sawina iChampions League.

“Amazinga ahlukene, kusuka kwiPSL, kuya e-Afrika, kuza la. Kulo nyaka besidlala emdlalweni wethu wokuqala kwiFIFA Club World Cup, sizibonile lezo zinto. Manje sidinga ukubuyela emuva sibe ngcono.

“Sizobuyela emuva la kwiClub World Cup elandelayo,” ucashunwe kanjalo kwiTimes Live lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala, owayegijima kwiSantos. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.