Sizodlulela phambili uma sihluleka eNkantolo eNkulu - ANC e-KZN

2017-11-08 18:01

Durban – Izikhulu eziphezulu ku-ANC KwaZulu-Natal zithi azinavalo ngokukhala ngaphansi esicelweni sokuphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu kulandela ukuthi "amahlongandlebe" aphuma phambili kwelokuphonselela inselelo ubuholi.

"Uma sikhala ngaphansi, sizoya eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala. Empeleni, singajabula kakhulu ukufaka leso sicelo. Kuzokwenza ukuthi izinto zisheshe kakhulu," kusho uNobhala wesifundazwe uSuper Zuma ngoLwesithathu esithangamini sabezindaba.

Ubethula umbiko mayelana nomhlangano we-PEC obungempelasonto.

Amalungu e-ANC KwaZulu-Natal ayengenelisekile ngokhetho lobuholi luka-2015 ababela enkantolo efuna kuguqulwe isinqumo sokukhethwa kwalobu buholi obukhona njengamanje.

Ilungu le-ANC uLawrence Dube nabanye abane bafaka leli cala enkantolo ngoMeyi 2016. Amalungu e-ANC ayekhala ngokhetho olwabona uSihle Zikalala angena ezicathulweni zikaSenzo Mchunu njengoSihlalo kaKhongolose esifundazweni.

OLUNYE UDABA: I-ANC e-KZN ifake isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo

Leli cala lizolalelwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.

NgoLwesithathu, uZuma uthe ubuholi besifundazwe benelisekile ngezinga lokuzilungiselela kwamathimba ajutshwe ukuba amele i-ANC.

Uthe isinqumo sobuholi benhlangano bukazwelonke sokungeseki kuphela i-PEC, kepha buyijoyine, kwenze leli cala laba "phakathi kwe-ANC njengenhlangano kanye nabanye".

Uqhube ngokuthi izandla zobuholi obukhona njengamanje zivuliwe ekutheni buxoxisane "namalungu angamahlongandlebe".

Thola udaba oluphelele lapha.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.