Sizoqhubeka nomsebenzi uMagaqa abesewuqalile - Zulu

2017-09-17 11:02

Umzimkhulu – Lowo owayesebuholini be-ANC, owasebenza kakhulu noSindiso Magaqa eMzimkhulu uthe umphakathi uzoqhubeka nomsebenzi obusuqalwe ngumufi.

"Sizothatha umkhonto siqhubeke. Ufike kulo mphakathi walwela ukusiza abantu. Uma singawufezi umsebenzi asewuqalile lokho kuyosho kuthi asimhloniphi,” kusho lowo owayenguNobhala kulesi sifunda uThabiso Zulu.

UZulu, obegcwele umunyu, ukhulume neNews24 emngcwabeni kaMagaqa e-Ibisi ngoMgqibelo ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo.

UZulu uthe umsebenzi kaMagaqa ekukhucululeni inkohlakalo edolobheni langakubo, uzoqhubeka.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa kade ayekhala ngokulandelwa uSindiso Magaqa

“Abantu abasha kumele babukele kuye. Ubaziwa ngezenzo zakhe ezinhle ikakhulukazi ekufezekiseni izidingo zabantu. Bekungumbono wakhe ukwenza okuhle ngaso sonke isikhathi.”

UZulu uthe usuku lwayizolo belumuncu kakhulu kuye. 

"Ngendlela engiyiyo angizwa ngisho umzimba wami. Ngathi kukhona umuntu ozongivusa athi konke lokhu yiphupho elibi nje. Angikaze ngijabhe ngale ndlela.”

UZulu ufunge wagomela ngokuqhubeka nokulwa nenkohlakalo njengoba bekwenza uMagaqa.

“Ngesikhathi siqala le nto sasivele sikulungele ukulahlekelwa yizimpilo zethu. Ngeke siyeke ukulwa nenkohlakalo, lokho kuyosho ukunyathela ngezinyawo iphupho lakhe.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.