#SocialMediaBlackout: Bahluleke bancama abomkhankaso wokuduba izinkundla zokuxhumana

2017-06-21 19:35

Johannesburg – Umkhankaso obuhleliwe wokulwa nokumba eqolo kwezinkundla zokuxhumana uhluleleke wancama ngesikhathi uphenduka uba sematheni (trending) kuTwitter. Lo mkhankaso we-#SocialMediaBlackout ubunxusa abantu bakuleli ukuthi bangalokothi bangene ezinkundleni zokuxhumana namhlanje, kodwa okunalakho kwenzeke okuphambene ngokuthi ube sematheni.

Izolo ekuseni umhayi wezinkondlo ophinde abe ngumculi wakuleli, uNtsiki Mazwai, unxuse abalandeli abangaphezulu kuka-80 000 kuTwitter ukuthi badube ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana noFacebook kanye noTwitter. emizamweni yokuveza obala ukumba eqolo kwentengo yama-data kuleli.

OLUNYE UDABA: #SocialMediaBlackout: Abantu baseMzansi basabisa ngokuduba izinkundla zokuxhumana

Umhlaziyi kanye nongoti we-internet, u-Arthur Goldstuck, utshele iFin24 ukuthi iqiniso lokuthi i-#SocialMediaBlackout ibisematheni lenze kwacaca ukuthi lo mkhankaso ushaye udaka. Kodwa-ke uthi lo mkhankaso ukwazile ukuveza obala ukungenami kwabathengi ngentengo ephezulu yama-data kuleli.

Kucwaningo alwenze kuTwitter account wakhe, abangu-47% bathe angeke babe yingxenye yalo mkhankaso, abangu-45% bathi abakezwa kwakuzwa ngawo base baba ngu-8% nje kuphela abathe bazoba yingxenye yawo.

UGoldstuck uthi esinye isizathu esenze lo mkhankaso washaya udaka ukuthi awuzange ube nesikhathi esanele sokuwulungiselela.

Uthi izinkampani zokuxhumana zijezisa abantu abahlwempu ngoba empeleni ama-data asehlile kulabo abadla izambane likapondo, kodwa asamba eqolo kwabadla imbuya ngothi. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.