#TaxiStrike: Kusamile ukusebenza kwamatekisi eSoweto

2017-06-07 14:03

Johannesburg – Inhlangano yamatekisi iWitwatersrand Taxi Association (Wata) ikuqinisekisile ukushona komshayeli wayo oyedwa ngemuva kokugwazwa kwabashayeli ababili eSoweto ngoLwesibili.

“Umshayeli wesibili usesimweni esibucayi e-ICU,” kusho uGeorge Maphalala, okhulumela le nhlangano.

Laba bashayeli bahlaselwe ngoLwesibili ntambama ngo-4:00 elokishini laseDube.

“Abashayeli bathi bayazi ukuthi bagwazwe wubani kanti lokhu kumayelana nezimpi zamatekisi kule ndawo. Sisamile ukusebenza size sithole isixazululo sale nkinga ngoba akuphephile neze ukuthi siqhubeke nokusebenza okwamanje,” kuqhubeka uMaphalala.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu, kwalimala abaningi kushayisana amatekisi

Ngesikhathi ebuzwa ngesixazululo salezi zimpi, uMaphalala uthe uhulumeni uyazama ukungenelela ngokuthi axhumane nobuholi benhlangano iNanduwe ukuze kuhlelwe umhlangano.

“Okwamanje asikwazi ukuxhumana nobuholi bale nhlangano, kodwa uhulumeni uyalekelela ngalolu daba, uma sekulungile kuzohlalwa phansi kukhulunywe ngezinkinga ezikhona kule mboni ukuze kuqhutshekwe nokusebenza.

UNgqongqoshe wezokuThutha eGauteng u-Ismail Vadi usesabise ngokuvala ukusebenza kwamarenki ambalwa kulesi sifundazwe uma lungapheli udlame lwamatekisi, kubika iThe Star.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.