#TshwaneDerby: Izinkunzi ezimbili kazihlali esibayeni esisodwa

2017-08-20 12:29

Durban - Umqeqeshi we-Mamelodi Sundowns uPitso Mosimane ujabule kakhulu ngokuguqisa iSuperSport United ngo-2-0 emdlalweni wabo wezinkunzi zaseTshwane.

Amanqaku amabili afakwe wuHlompho Kekana kanye noThemba Zwane aqinisekise ukuthi iSundowns ivula isizini ngeshidi elimhlophe qwa.

UMosimane uthi yize inhloso kungukuwina, akulula ukwenza njengokukhuluma ikakhulukazi uma udlale neqembu elifana ne-SSU.

OLUNYE UDABA:ISundowns idinwa ngelikapotsho kwi-CAF

"Kwenzeke njengoba besihleli, umdlalo nezinkunzi zasekhaya ovamile ukuba lula. Kube kuhle ukuthi sivule ibhodi kuqala.

Amashwa abo okuthola ikhadi elibomvu asisize kakhulu," kusho uMosimane etshela abe-Supersports ngemuva komdlalo.

Uqhubeke wathi uMshini (Zwane) udlale ibhola elihle kakhulu, leliyanqaku alishayile liwuvala.

"Ngibaxwayisile abafana bami ngokuthi bangajabuli kakhulu baze bazikhohlwe ngoba siyawadinga amaphuzu amathathu,"kuqhubeka yena.

Ngokusho kwakhe, abafana bakhe badlale kahle kakhulu ukudlula indlela abebedlala ngayo ne-Maritzburg United ngesonto eledlule, kubika iSoccer Laduma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.