U-70% wabaqwayizi awuzivikeli kwi-HIV - Ucwaningo

2017-12-01 14:00

Johannesburg - Yize behlinzekwa ngephilisi elilodwa njalo ngosuku ukubavikela ekutheni batheleleke nge-HIV, cishe amakota amathathu abesifazane abangabaqwayizi bayayeka ukuthatha leli philisi ngemuva konyaka beqalile.

Lokhu kungokombiko oshicilelwe kwi-PLoS ngesonto eledlule, mayelana nocwaningo olwenziwe ngabe-TAPS Demonstration Study.

Lolu cwaningo oluhlole cishe abesifazane abangu-700, luveza ukuthi ebantwini abaningi okukhulunywe nabo kukhona "abashadile noma abanomaqondana, abasebenza njengamayengandoda futhi bazalelwa eZimbabwe".

Cishe ingxenye yabesifazane abahloliwe kutholakale ukuthi bane-HIV. Kulaba abangu-341, u-139 kubona wanquma ukuthatha ama-ARV ngesikhathi bethola ukuthi banaleli gciwane. Babalelwa ku-60% abasaqhubeka nokuthatha le mishanguzo ngemuva konyaka beyiqalile.

OLUNYE UDABA: Kuvele imiphumela emangalisayo kwenziwa ucwaningo lwama-ARVs kone-HIV

Abaqwayizi okutholakale ukuthi abanayo i-HIV, (abangu-351) bahlinzekwa ngephilisi iTruvada, ukuba balithathe zonke izinsuku ukuze bezovikeleka kuleli gciwane. Bangu-219 kubona abavuma ukuthi bazolithatha leli philisi.

Kepha ngemuva konyaka, bangu-49 kuphela abesifazane abadla iTruvada – kanti bonke labo abasayiphuza akekho kubona osasuleleke nge-HIV.

“Isibalo sabantu abaqhubekayo nale mishanguso sincane kakhulu, kepha akukho ukutheleleka okukhona kulabo abaqhubekayo nokuthatha i-PrEP,” kusho uRobyn Eakle, ongumcwaningi omkhulu eWits Reproductive Health and HIV Institute (WRHI), nayo eyingxenye yalolu cwaningo.

Ukusebenzisa ama-ARV ukuvikela abantu ekutheni basuleleke nge-HIV kubizwa nge-Pre-exposure prophylaxis (PrEP).

Ucwaningo lwakamuva lutshengisa ukuthi iTruvada iwusizo kakhulu ekuvikeleni abantu ekutheni bangasuleleki ngesandulela ngculazi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.