U-Abrahams usesithathile isinqumo ngamacala anukwa ngawo uZuma

2018-02-26 19:31

Pretoria – Inhloko ye-National Director of Public Prosecutions uShaun Abrahams ubhalele iCouncil for the Advancement of the South African Constitution (Casac) eyitshela ukuthi usesithathile isinqumo mayelana namacala anukwa ngawo uJacob Zuma futhi usekulungele ukwenza isimemezelo.

U-Abrahams ucele iCasac ukuba imnikeze esinye isikhashana, uyazi ukuthi wayethembise ukuthi uzokwenza isimemezelo engakapheli amasonto amabili.

Ngonyaka owedlule, iNkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala yahoxisa isinqumo esathathwa yi-NPA eminyakeni eyishumi eyedlula sokuba angabhekani namacala uZuma.

OLUNYE UDABA: Inyunyana ifinyelele esivumelwaneni ne-NSFAS

UZuma usolwa ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

Ithimba eliholwa yinhloko yeNational Prosecuting Authority (NPA) eKZN, uMoipane Noko linikeze u-Abrahams umbiko mayelana nokuthi uZuma kumele abhekane yini nacala ngoLwesihlanu.

U-Abrahams usezowucubungula athole nezincomo zawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.