U-Arthur uvulele uCici icala

2017-08-23 12:32

Johannesburg - Umculi wakuleli uCici usecele inkantolo ukuba imunikeze isikhathi sokuba akwazi ukulungiselela icala alibekwe yisihlabani somculo weKwaito u-Arthur Mafokate.

Lo mculi ogamalakhe lokuzalwa nguBusisiwe Twala, uvele kafushane enkantolo yemantshi yaseMidrand eGoli izolo (ngoLwesibili).

Ummeli wakhe ucele ukuba udaba luhlehle amasonto amathathu ukuze ezokwazi ukuxoxisana nekhasimende lakhe.

Lesi sihlabani seculo elithi Runaway, esesihamba ngezinduku, sivunyeliwe ukuba sikwazi ukukhuluma sihleli endaweni yomphakathi.

OLUNYE UDABA:Ibuyele enkantolo inkakha yomculo weKwaito

Icala lihlehliselwe umhlaka-21 Septhemba.

U-Arthur uvulele uCici icala elifanayo ngemuva kokuba uCici evulele le nkakha yomculo weKwaito icala lokushaya ngoJuni.

UCici uthi lesi sihlabani, ebesiyisoka lakhe, samhudula ngemoto walimala enqulwini.

U-Arthur yena uthi uCici wamushaya ngesihlalo ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwabo.

U-Arthur uvele kuyo le nkantolo ngoLwesihlanu.

Kubukeka sengathi kungase kwengezwe amanye amacala ku-Arthur njengoba iNational Prosecuting Authority iyalele umseshi wecala ukuba abheke ukuthi awekho yini amacala okushayela budedengu angase athweswe u-Arthur.

UPhindi Mjonondwana okhulumela i-NPA eGauteng, uthe, u-Arthur ubengakalivumi futhi ubengakaliphiki icala ngakho akukho okubavimbayo ukuthi bamuthweswe amanye amacala.

U-Arthur ulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-20 Septhemba ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo, mhlawumbe futhi kube nokuxoxisana phakathi kwakhe noCici.

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.