U-Ayanda Msweli nezinhlelo zokukhuthaza inhlanzeko nokuhleleka kwamarenke

2017-12-10 11:02

eThekwini - Intandokazi yomsakazo eyethula isimo sezemigwaqo u-Ayanda Msweli uhlele ukuvuselela isithunzi nokubuyisana embonini yamatekisi.

UMsweli obe nohambo lokuvakashela amarenke amahlanu eGoli ngenyanga ka-Mfumfu uthi kuningi akubonile okumvule amehlo kanti kudala enesifiso sokwenza ushintsho kule mboni.

Lo msakazi othandwa kakhulu ngamatemu awasebenzisayo emsakawazi uma eqwashisa abantu ngezingozi kanye nesimo somgwaqo futhi anikeze nabalalleli isifundo sokuthi benzenjani ukuze baphephe emgwaqeni uthi akafuni ukugcina ngokukhuluma emsakazweni kuphela kodwa kumele kusetshenzwe.

UMsweli onenkampani iNkundla Communications uthi usekuqalile ukuhlanganyela nabaphathi bososeshini abahlukene lapho ekhetha khona abashayeli okuyibona azosebenzisana nabo ukubafundisa ngezinto okumele baziqaphele ukuve kunyuswe izinga lokusebenza.

“Kuzoba noshintsho olukhulu oluzokwenzaka ngonyaka ozayo futhi ngiyafisa ukuthi uhulumeni, yimboni yamatekisi kanye nezakhamuzi, zibambisane nami kulokhu. Ngihambela amarenki ahlukahlukene ngenhloso yokukhetha abantu engizosebenzisana nabo ukuze kulungiswe isimo. Indaba yokungcona kwamarenki, amathoyilethi angconile, abashayeli abangakwazi ukuziphatha kanye nabangahlelekile, womashali abadelelayo nabangabahloniphi abagibeli izophela nya.

UMsweli uthi ibhizinisi lamatekisi yilona bhizinisi elilawulwa ngabantu abansundu ngakhoke ukuthuthuka kwalo wukuthuthuka kwendlu emnyama.

“Ngithole ukwesekwa okukhulu ngesikhathi ngihambele eGoli kodwa ngeke ngigcine lapho njengoba ngisazohambela amarenki ahlukahlukene nalapha eThekwini.

OLUNYE UDABA:'Kuyidokwe kona kodwa aligayelwe wena, hlaba udlule njengenaliti'

Ngempelasonto ezayo, ngimeme bonke ababambisene nami kulo msebenzi emcimbini wokuvala unyaka nokuyilapho engizokwethula khona izinhlelo zami zangonyaka ozayo ngethemba lokuthi baningi abazongeseka futhi bangixhase kulokhu.

Le Ngwenya ithi konke ekwenzayo ikwenza ngamandla ayo, kodwa iyalwamukela uxhaso oluvela kwabanye abanezifiso ezifana nezakhe.

UMsweli uthi ngeke agcine ngokuqwashisa abamatekisi kuphela ukuba bashintshe ukwenza kwabo, kodwa uzokuba nemihlangano ekhethekile emadoobheni ahlukahlukene nokuyilapho azofindisa khona abantu ngamalungelo abo.

“Kuyamangalisa ukuthi baningi abantu abangawa amalungelo abo emgwaqeni, umuntu akayazi imigudu okumele ayilandele lapho elinyalelwa amasondo ngenxa yemigodi emgwaqeni, nokuthi benzenjani uma labafowethu abasika utshani belimaza amawindi ezimoto.”

Okunye okuhlula abantu nokuyinkinga kakhulu wukungazi amalungelo abo lapho bevinjwa khona ngamaphoyisa omgwaqo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.