U-Ayanda Ncwane uthi wayenephupho lokuba nguMiss SA

2017-05-02 14:01

Johannesburg - Unkosikazi wesihlabani somculo wowokholo esingasekho emhlabeni uSifiso Ncwane, u-Ayanda Ncwane, uthi wayefuna ukuba ngunobuhle futhi enephupho lokuba nguMiss South Africa.

"Nganginephupho lokuba nguMiss South Africa ngemuva kokudlula emhlabeni kukababa wami," kusho u-Ayanda engxoxweni ayenayo ohlelweni luka-Anele Mdoda, iReal Talk with Anele kamuva nje.

U-Ayanda uthe iphupho lafika ngemuva kwesikhashana kushone ubaba wakhe, umndeni ungasakwazi ukuba ubaqhubeze esikoleni.

OLUNYE UDABA: Wayelokhu encoma ubuhle bami uSfiso ngosuku lokugcina – Ayanda Ncwane

"Ngangibona ukuthi ukuwina kuMiss South Africa kukunikeza amathuba amaningi, amantombazane ayewina imali kanti ngangibona ukuthi leyo mali ngingakwazi ukuyisebenzisa ukuqhuba izifundo zami," elandisa.

U-Ayanda wabe esengenela uMiss Durban kanye neminye imincintiswano yonobuhle kodwa akazange esaqhubeka nayo. Nakuba engazange aqhubeke nokungenela eyonobuhle, uthi ukuba ngunobuhle kwaqinisekisa into ugogo wakhe ayehlezi eyisho ngendlela abukeka ngayo.

"Ukubukeka kahle enye yezinto engakhula ngifundiswa yona. Ngiyazi abanye abantu babuka indlela obukeka ngayo uma uzazisa bese bekwehlulela ngayo," esho.

U-Ayanda uthi uyaqhubeka nokufundisa labo ahlezi enabo ngokubaluleka kokubukeka kahle.

U-Ayanda wafinyelela kuMiss SA teen ngo-2002 wafika eGoli ngalowo nyaka kodwa waphonsa ithawula kweyonobuhle ngemuva kokungadluleli phambili.

 - Iphephabhuku iDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.