U-Ben 10 ubulale umuntu wakhe, 67, wamgqiba

2017-03-02 11:02

Durban - Ufele emanyaleni "uMandende" oneminyaka engu-67 ubudala, wakwaBB eMlazi, eningizimu yeTheku okusolwa ukuthi uklinywe wabulwa yisoka lakhe (19) laKwaNdengezi, entshonalanga yeTheku ngoLwesihlanu ntambama bebanga imoto yakhe.

Kuthiwa lo Ben 10 - esingeke simdalule njengoba evela namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseMlazi - ufike ehamba nomngani wakhe emzini kaNkz Nomasonto Ngwenya beyofuna imoto nemali bezohamba nayo ubusuku bonke kodwa umnikazi wayo washaya phansi ngonyawo.

Leli soka likaNkz Ngwenya kuthiwa bese kunesikhathi lithandana naye futhi selaziwa nakwaBB njengoba bebehlale behamba ndawonye. Kuthiwa uNkz Ngwenya ubetshela omakhelwane bakhe ukuthi lo Ben 10 ungumshayeli wakhe.

ILANGA lithole ukuthi uNkz Ngwenya ubesethathe umhlalaphansi ekubeni nguthisha, esebamba itoho efundisa eChristian Centre eThekwini, enguthisha walo leli soka lakhe.

Bahlangane khona esikoleni. Kubikwa ukuthi indaba yokujola kwabo yinto ebidumile yaziwa esikoleni abafundi nabanye othisha bengahambisani nayo. Udaba lwabo luze lwabikwa esigungwini sesikole ukuze singenelele kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.

Kuthiwa ngoZibandlela (December) nyakenye, uNkz Ngwenya udele ukuphelelwa yitoko eChristian Centre ngoba engafuni ukuhlukana noBen 10. Abaphathi bakhe banqume ukunqamula inkontileka yakhe ngoba sebekhathele wukumkhuza. Naye uBen 10 ugcine exoshiwe.

UNkz Ngwenya ubehlala nendodakazi yakhe, uNkz Nomfundo Ngwenya emzini wakhe, uBen 10 efika ngokuvakasha. Kuthiwa indodakazi kaNkz Ngwenya ibingahambisani nomjolo kanina ize ilikhiphe ngembaba elokuthi kayimdingi lo mfana (Ben 10) eduze kukaNkz Ngwenya ngoba udla imali yakhe.

Kuthiwa ngaphambi kokuba uBen 10 nabangani bakhe babulale uNkz Ngwenya, baqale bayomkhiphisa imali eMega Philani, eMlazi wabe esemklinya qede wafaka isidumbu sakhe ebhuthini wahamba naso wayomgqiba ngakubo (uBen 10) KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku.

Kuthiwa indodakazi ibuye ntambama unina engekho ekhaya, yafika kumapeketwane kukhombisa ukuthi bekulwiwa. Kuthathwe umabonakude wasekameleni likanina.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owathola imali ezenza isisebenzi

Indodakazi kaNkz Ngwenya imshayele ucingo wangalubamba, kwadlula isikhashana kwangena umqhafazo ngenombolo yakhe eyitshela ukuthi uzobuya ekhaya ngeSonto ntambama.

Kuthiwa kuyithusile ukuthi unina angatholakali ocingweni kanti ungumuntu ongajwayele ukungalali ekhaya. Kuthiwa ngoMgqibelo - emuva kokungamtholi unina ocingweni - isolile ukuthi kukhona okushaya amanzi yabikela amaphoyisa.

Kuthiwa amaphoyisa aqale uphenyo kwalandelwa umkhondo wemoto kaNkz Ngwenya oveze ukuthi iKwaNdengezi ngakubo kaBen 10 futhi kayimile iyasetshenziswa. Kuthiwa amaphoyisa anikele khona nebala azithela kuBen 10 ehamba nomngani wakhe.

Ambuze umnikazi wemoto waqala wawadukisa umkhondo wawatshela ukuthi umshiye kwa-S eMlazi kubangani bakhe. Nebala anikele khona kwa-S kodwa afica kukhala ibhungane.

Ngokubona ukuthi kushubile - uyafuneka uNkz Ngwenya - uBen 10 ugcine elikhulumile iqiniso wathi umklinye ngentambo yesicathulo wambulala ngoba ubemncikisela ngemoto, engafuni ukumnika yona ekubeni yena ubefuna ukuhamba ngayo nabangani bakhe qede wayomgqiba ezaleni elingakubo. Amaphoyisa anikele lapho amgqibe khona nebala asithola isidumbu sakhe.

ILANGA lishayele indodakazi kaNkz Ngwenya ethe icela ukungaphawuli ngalolu daba okwamanje ngenxa yesimo ekusona. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngecala lokubulala, kulindeleke ukuba bavele namhlanje eNkantolo yeMatshi eMlazi ngecala lokubulala.

 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.