U-CR7 utshele abaphathi ukuthi 'benze indlela yokumbuyisela kwi-Man U'

2017-06-19 16:01

Cape Town – Kubikwa ukuthi umdlali waphesheya ongaconsi phansi, uCristiano Ronaldo, ufuna ukubuyela ekhaya lakhe elidala, iManchester United, ngokusho kwemibiko.

Lo mdlali weReal Madrid usefuna ukushiya eSpain kanti abantu abasondelene nalo mdlali bathi i-United iseseduze kakhulu nenhliziyo yakhe, kubika iSky Sports.

URonaldo washiya i-United ukuze ajoyine iMadrid ngesivumelwano sika-£80m ngonyaka ka-2009 kanti amaRed Devils asezame ukumbuyisa kwi-Manchester okungenani kanye, ngokombiko we-Sky.

OLUNYE UDABA: URonaldo uphinde wakhethwa njengomdlali ophambili yiFIFA

Imibiko ithi i-United izoshintshisana ngonozinti waseSpain, uDavid de Gea, 26, kanye no-£174m ngaphezulu ukuze bathole lesi sikhwishikhwishi sasePortugal.

Kubikwa ukuthi abeluleki balo mdlali sebetshelwe ukuthi batholele uRonaldo indlela yokuphuma eSpain, njengoba kubikwa ukuthi udinwe uyaqhuma ukusolwa kwakhe ngokubalekela ukukhokha intela okulinganiselwa ku-£13m yiziphathimandla zaseSpain.

Inkinga ngalo ngoRonaldo kubukeka kuwukuthi mancane kakhulu amaqembu angakhona umholo wakhe wanyanga zonke ngaphezu kwemali enkulu yokumthenga.

Kubikwa ukuthi i-PSG inentshisekelo yokumsayina ngesikhathi abaphathi abasha be-AC Milan baseChina nabo bebelokhu bexhumana nomphathi wezindaba zikaRonaldo, uJorge Mendes.

Kuphinde kube nemibiko yokuthi iChelsea nayo iyamfuna lo mdlali.

Kunokwenzeka futhi ukuthi lo mdlali ongalibheki ipali agcine esedlala kwiChinese Super League, yize noma uRonaldo kubikwa ukuthi ufuna ukuqhubeka nokudlala e-Europe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.