U-DJ Cleo akacacisi ngomdlali wakhe kuChiefs ‘ohola u-R5000’

2017-06-20 09:32

Cape Town – Imenenja yomdlali kanozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, nokungu-DJ odomile kanye nomdidiyeli womculo, uTlou Cleopas Monyepao, odume ngelika-DJ Cleo akafuni ukuphumela obala ngemibiko yokuthi lo nozinti amphethe uhola u-R5000 nje vo ngenyanga kulezi zinkunzi zaseSoweto, kubika iKickOff.  

NgeSonto, imibiko yabezindaba ithe uBvuma, noke wadlala ejenjini elikhulu leChiefs kule sizini, ubehola imali abalandeleli abayibiza ngokuthi “ushintshi wasephaketheni” kumdlali odlala ibhola elikhokhelwayo, nalapho iChiefs ngoMsombuluko ikhiphe isitatimende nalapho ibizwakalisa khona uhlangothi lwayo kulolu daba.

IKickOff.com ibe isithinta uDJ Cleo ukuze ithole ukucaciseleka nalapho ephendule ngokuthi: “Angifuni ukukuqinisekisa lokho, ngoba ungifonela ngento eshiwo umuntu othile. Akushiwongo yimina, kushiwo yiphephandaba.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs idedele abadlali abayisikhombisa

“Ngakho, njengoba ngisholo kwiphephandaba, akungisizi ukudalula ulwazi ngomuntu kwabezindaba. Ngakho, angikwazi ukuqinisekisa noma ngikuphike lokho ngoba angeke ngiwine. Angeke kuze kusize mina. Ngethema ukuthi uzoyiqonda leyo ngxenye. Ngisafuna ukwenza ibhizinisi neChiefs kanye namanye amakilabhu. Akungisizi mina ukukhuluma kabi noma ngabe ubani,” uMonyepao utshele iKickOff.

UNobhala Jikelele weSouth African Football Players Union (SAFPU), uThulaganyo Gaoshubelwe, uthi sebekhulumile nePremier Soccer League ukuthi yethule iholo eliphansi okungamele kube nomdlali ozohola ngaphansi kwalo.

“Besilokhu senza izethulo ngalokhu [iholo eliphansi okumele liholwe abadlali] kusukela ngo-2012. Senza isiphakamiso sa-R35 000 kuPremier Soccer League kanye no-R15 000 kuya ku-R18 000 kwiNational First Division njengeholo eliphansi,” uGaoshubelwe utshele iKickOff.com.

Uqhube wathi uma kungukuthi lokho kwenziwa yikilabhu enkulu njengeChiefs, okusho ukuthi kungenzeka ukuthi maningi namanye amakilabhu akwenzayo.

Esitatimendeni, Amakhosi awafunanga ukuphumela obala ngehola lalo nozinti, kodwa yabe isichaza ukuthi uBvuma njengomdlali osesesigabeni sabadlali abasathuthukiswa (development) – futhi obekungalindelekile ukuthi adlale eqenjini elikhulu kule sizini – ubeseholelwa iholo eliphansi njengomdlali osaqeqeshwa. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.