U-Ertugral usolwa ngokuxoshisa umdlali kungakaqali nesizini

2016-07-19 16:02

Johannesburg – Lishabalale kuhle kwamazolo ebona ilanga iphupho likaThamsanqa Mkhize lokudlalela i-Orlando Pirates, njengoba inkontileka yakhe idatshulwe ingakaqali nesizini.

Kuthiwa inkontileka yalo mdlali idatshulwe ngokomyalelo kamqeqeshi wamaBhakabhaka omusha uMuhsin Ertugral, kubika iPhakaaathi.

Lo mdlali wasesiswini, 27, ubesayinde inkontileka yeminyaka emithathu nalezi zinkunzi zaseSoweto, kepha manje usezithola engumantuntanendishi.

OLUNYE UDABA: Unqaba ukuya kuPirates okuthiwa akazwani no-Ertugral

“Ngendlela adumele ngayo usefisa ngisho ukuyeka ibhola uMkhize. Ubesezitshelile ukuthi uzodlalela amaBhakabhaka, kepha uMuhsin wathi akamdingi, yaphela kanjalo inkontileka yakhe,” kusho umthombo.

UMkhize ungomunye wabadlali abadlale ibhola eliyingcwenga kuMaritzburg United ngesizini eyedlule, yize kunjalo iqembu lamdedela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.