U-Eskom uthembisa ngokuthi ngeke ucime ugesi kula makhaza

2016-07-25 20:32

Johannesburg - Inkampani ephakela leli ngogesi u-Eskom ithi ayilindele ukuthi kube khona zinkinga ngogesi kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo njengoba alokhu ehle njalo amazinga okushisa.

Le nkampani ephehla ugesi isiqinisekise ngokuthi imishini isebenza kahle.

Okhulumela u-Eskom uKhulu Phasiwe uthe ngenxa yokuwa kweqhwa kwezinye izingxenye zezwe, le nkampani ibisivele ilindele ukuthi kuzosebenza ugesi omningi.

OLUNYE UDABA: Akukho ukucinywa kukagesi okulindelekile - Eskom

Uthe nokho ugesi uphehlwe ngokwenele.

UPhasiwe uthe ukucima kukagesi isikhathi esiningi kuhambisana nokuxhuma ugesi ngokungemthetho.

“Izinyokanyoka ezixhuma ugesi ngokungemthetho yizo ezigqilaza imishini yethu. Kodwa ekuphehlweni kukagesi, konke kuhamba kahle."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.