U-Irvin Khoza uthi akamazi owesifazane osola uDanny Jordaan ngokumdlwengula

2018-05-03 19:24

USihlalo wePremier Soccer League u-Irvin Khoza uyiphikile imibiko yokuthi wakhokhela amabhanoyi kanye nendawo yokuhlala ngesikhathi uJennifer Ferguson ehambele kuleli.

Kuzokhumbuleka ukuthi uFerguson waphumela obala ngonyaka odlule wasola uMengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan ngokumdlwengula.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko sokudlwengula senzeka eminyakeni engu-25 eyedlule.

OLUNYE UDABA: UDanny Jordaan uyaziphika izinsolo zokudlwengula

Eminye imibiko yabezindaba kuleli sonto ibike sengathi uKhoza nguye owahlelela ukuba uFerguson eze kuleli ngendiza esuka lapho esehlala khona manje eSweden, ngonyaka odlule.

UFerguson wake waveza ngaphambilini ukuthi izindleko zohambo lwakhe zakhokhelwa ngumxhasi ongathandanga ukuvezwa igama lakhe.

UKhoza uphinde abe yisekela likamengameli weSafa kanti usebenza ngaphansi kukaJordaan.

Ebuzwa mayelana nalolu daba, uKhoza uthe: “Ngicela ukucacisa nje ukuthi kangimazi uJennifer Ferguson, angikaze ngihlangane naye, ngikhulume naye noma ngixhumane naye noma yingayiphi indlela."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.