U-MTN uyavuma ukuthi ama-data abiza kakhulu kwabahlwempu

2017-08-04 09:31

Johannesburg – I-CEO yakwa-MTN, uRob Shuter, uvumile ngoLwesine ukuthi intengo yama-data kuleli imba eqolo kakhulu kumakhasimende angenawo ama-contract (out-of-bundle) futhi lokhu kumele kulungiswe.

Lesi sikhulu sakwa-MTN sithi yize noma intengo yama-data kulabo abanezinkontileka (in-bundle) ikwazi ukuncintisana, kodwa intengo yama-data kulabo abangenazo izinkontileka kumele yehliswe. Uthembise ngokuthi uMTN uzobheka izindlela ongenza ngazo intengo yama-data ikhoneke kubantu baseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: UTelkom uwine ingqophamlando yecala ngoVodacom

Uthi kumele benze isiqiniseko sokuthi intengo yama-data iyaheha ngisho nakubantu abasezindaweni ezisemakhaya abathenga umthamo wama-data omncane njalo.

Kodwa-ke uShuter uthi njengamanje uMTN awunazo izinhlelo ezinjalo.

“Sinomsebenzi okumele siwenze kwa-MTN kulokhu. Kodwa lokhu nakho kuyingxenye yezingxoxo eziyingxubevange.”

Ngaphambilini, ungoti wezobuchwepheshe, u-Arthur Goldstuck, wathi abantu abahlwempu abakwazi ukukhona ukuthenga ama-data kanti bakhokha intengo ephakathi kuka-R1 kanye no-R2 i-megabyte ngayinye kulabo abangenazo izinkontileka.

“Ama-network ahlukumeza abahlwempu abangamakhasimende amahle,” uGoldstuck watshela iFin24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.