U-OR Tambo wayenobizo lokuhola abantu bakuleli - Zuma

2017-10-19 18:00

Johannesburg - Lowo owayengumengameli we-ANC u-Oliver Reginald Tambo wayeyilenhlobo yomholi eyayisebenzela abantu ngothando nangokuzinikela ngoba wayazi ukuthi abantu abamkweleti lutho, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesine.

"Kusobala ukuthi wayengumholi owayenobizo lokuhola abantu baseNingizimu Afrika," kusho uZuma. "Wayekwazi ukwenza konke lokhu ngenxa yohlobo lomuntu ayenguye - eqeqeshekile futhi elimela iqiniso."

UZuma ubekhuluma ngesikhathi kwembulwa isichuse sikaTambo esikhumulweni sezindiza esaqanjwa ngegama lakhe, eGoli.

Lo mcimbi uza ngemuva kokugxekwa kwendlela uZuma ahola ngayo izwe kanye ne-ANC kulandela ukuthi enze izinguquko kwiKhabhinethi lakhe okwesibili kulo nyaka.

OLUNYE UDABA: Kugxekwe eyokuhlonishwa kukaMengameli Zuma ngesichuse eNigeria

Lezi zinguquko zibone kuxoshwa uNobhala Jikelele we-SACP uBlade Nzimande njengoNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme.

I-SACP - ikanye neCongress of South African Trade Unions - abayingxenye yamadlelandawonye e-ANC, abazibekile phansi njengoba bengakufihli ukuthi abahambisani nezinqumo zikaZuma futhi bathi bafuna ehle esikhundleni.

Lobu budlelwano bombimbi baqala ukuba sengcupheni ngesikhathi lowo oyisekela likaNobhala Jikelele we-SACP uSolly Mapaila ememezela ukuthi uZuma wasebenzisa umbiko wezobunhloli "ongaqondakali" ukuxosha uPravin Gordhan noMcebisi Jonas ngasekuqaleni konyaka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.