'U-R20 ngehora akuyona imali ongaphila ngayo kodwa yisiqalo'

2017-02-09 11:00

eKapa - IPhini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi kungathatha cishe iminyaka emibili ukuthi kuhlelwe kahle iholo labasebenzi ngokwezimboni ezahlukahlukene.

URamaphosa usho lokhu ngoLwesithathu ngemuva kokumemezela isivumelwano esenziwe nenyunyana yabasebenzi kuzwelonke i-Congress of South African Trade Unions (Cosatu), ngokuthi amaholo abasebenzi azoqala ku-R3 500.

Lokhu kungahle kuqale ngoMeyi wangunyaka ozayo.

OLUNYE UDABA:Bazokhushulelwa amaholo abashayeli bamatekisi

Uhulumeni ufuna amaholo abasebenzi abalinganiselwa ku-6.6 million aqale ku-R3 500.

Okwamanje ngalesi sivumelwano kuzozuza abasebenzi abangu-4.8 million iningi labo basezimbonini zezolimo kanye nabasebenzi basezindlini.

IPhini likaMengameli lithe liyazi ukuthi leli okulona iholo abantu abangaziphilisa ngalo, kodwa liyisiqalo esibonakalisa ukuthi akumele kube khona abasebenzi abahola ngaphansi kwale mali ebekiwe.

Inyunyana yabasebenzi kuzwelonke ithi kungukunqoba kwayo lokhu.

"Lokhu kungukunqoba kwethu siyiCosatu ngoba kubonakalisa intuthuko enkulu kusukela lapho esaqala khona,” kusho iCosatu esitatimendeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.