U-SARS uzoyithathela izinyathelo eyencwadi ebhalwe ngoMengameli Zuma

2017-11-03 19:15

Cape Town – ISouth African Revenue Service (SARS) icabanga ukuthathela intatheli uJacques Pauw kanye neSunday Times izinyathelo zomthetho. 

Incwadi kaPauw, esihloko sithi The President’s Keepers iveza izinsolo zokuthi uMengameli Jacob Zuma wayekhokhelwa ngusomabhizinisi uRoy Moodley u-R1m njalo ngenyanga ngo-2009 esevele esengumengameli, ngaphandle kokudalula le mali kwa-SARS. ISunday Times yashicilela isiqeshana esisencwadini kaPauw. 

"U-SARS uthanda ukucacisa ukuthi ukhathazekile kakhulu ngokushicilelwa kwemininingwane eyimfihlo yomuntu okhokha intela nokungukwephula iTax Administration Act (TAA) 28 ka-2011, ikakhulukazi isigatshana 69 esikwenza lokhu kube yicala," kusho isitatimendme esikhishwe ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuhlokome iPhalamende uZuma ephendula uMaimane

U-SARS uthi ngaphansi kwe-TAA kuyicala ukuvezwa kwale mininingwane ngaphandle kokugunyazwa yinkantolo, futhi u-SARS ubona kuwukwephula umthetho ukushicilelwa kwalolu lwazi encwadini kanye nakuSunday Times.

"Ngakho-ke, u-SARS kubalulekile ukuthi uyisukumele indaba yokwephulwa kwe-TAA kwenziwa nguMnu Jacques Pauw mayelana nezinsolo ezithi uCommissioner Tom Moyane usiza uMengameli Zuma ukuba abalekele ukukhokha intela."

U-SARS uthi uzimisele ngokuthatha izinyathelo zomthetho uphinde uphenye uPauw neSunday Times mayelana nalokhu.

NgoLwesine ephendula imibuzo ePhalamende, uMengameli Zuma uthe akekho umuntu owake wamnikeza imali wangayidalula.

NgoLwesihlanu, iState Security Agency (SSA) iveze ukuthi yethumele incwadi kuPauw izwakalisa ukuthi kumele ahoxise le ncwadi njengoba ithi kunokuthile okuqukethwe yiyo okwephula i-Intelligence Services Act.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.